Ngokukamarku 9:6-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu.

7. Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”

8. Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.

9. Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.

10. Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.

11. Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

12. Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?

13. Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.”

14. Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.

15. Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.

16. Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?”

17. Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu.

18. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”

19. Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”

20. Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.

21. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?Wathi: “Kwasebuntwaneni.

Ngokukamarku 9