Ngokukamarku 9:41-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

42. Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle.

43. Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili,

44. lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.

45. Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili,

46. lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.

47. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili,

48. lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.

49. Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo.

Ngokukamarku 9