Ngokukamarku 9:3-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka.

4. Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu.

5. Wathatha uPetru, wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”

6. Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu.

7. Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”

8. Kwathi masinyane beqalaza, ababe besabona muntu, kuphela uJesu yedwa enabo.

9. Besehla entabeni, wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo, iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.

10. Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.

11. Base bembuza, bethi: “Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

12. Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?

13. Kodwa ngithi kini: U-Eliya sewafika, benza kuye abakuthandayo, njengalokho kulotshiwe ngaye.”

14. Kwathi sebeza kubafundi, babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.

15. Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.

16. Wayesebabuza ethi: “Nibuzana nabo ngantoni na?”

17. Omunye wesixuku wamphendula wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu.

Ngokukamarku 9