Ngokukamarku 9:22-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”

23. UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

24. Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

25. UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”

26. Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”

27. Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.

28. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”

29. Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”

30. Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu,

31. ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”

32. Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.

33. Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?”

Ngokukamarku 9