Ngokukamarku 9:21-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?Wathi: “Kwasebuntwaneni.

22. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”

23. UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

24. Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

25. UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”

Ngokukamarku 9