20. Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.
21. Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na?Wathi: “Kwasebuntwaneni.
22. Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”
23. UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
24. Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”
25. UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye, wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: “Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.”
26. Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”
27. Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.
28. Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
29. Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”
30. Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu,
31. ngokuba wabafundisa abafundi bakhe, wathi kubo: “INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuthi isibulewe, izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.”
32. Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza.
33. Base beza eKapernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza wathi: “Beniphendulana ngantoni endleleni na?”
34. Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.
35. Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”