Ngokukamarku 8:4-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?”

5. Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?”Bathi: “Eziyisikhombisa.”

6. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku.

7. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo.

8. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa.

9. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa.

10. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.

11. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

12. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”

13. Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.

14. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini.

15. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”

16. Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa.

Ngokukamarku 8