30. Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.
31. Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.
32. Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.
33. Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”