2. “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla.
3. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.”
4. Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?”
5. Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?”Bathi: “Eziyisikhombisa.”
6. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku.
7. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo.
8. Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa.
9. Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa.
10. Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.
11. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.