Ngokukamarku 8:18-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini

19. mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?”Bathi kuye: “Ishumi nambili.”

20. “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?”Bathi: “Isikhombisa.”

21. Wathi kubo: “Anikaqondi na?”

22. Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe.

23. Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”

24. Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.”

25. Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke.

26. Wayithumela ekhaya layo, wathi: “Ungangeni emzini wabantu.”

27. UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe, waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani na?”

28. Bamtshela bathi: “UJohane uMbhapathizi;” abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngomunye wabaprofethi.”

29. Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?”UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.”

30. Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.

31. Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.

32. Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.

33. Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”

Ngokukamarku 8