14. Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini.
15. Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”
16. Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa.
17. UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na?
18. Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini
19. mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?”Bathi kuye: “Ishumi nambili.”
20. “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?”Bathi: “Isikhombisa.”
21. Wathi kubo: “Anikaqondi na?”
22. Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe.
23. Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”
24. Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.”
25. Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke.