Ngokukamarku 8:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo:

2. “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla.

3. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.”

4. Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?”

5. Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?”Bathi: “Eziyisikhombisa.”

6. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku.

7. Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo.

Ngokukamarku 8