7. kodwa bangikhonza ngezebefundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’
8. “Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”
9. Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.
10. Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’
11. kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’
12. anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.
13. Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”
14. Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde.
15. Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.
16. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
17. Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso.
18. Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?
19. Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”