27. UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
28. Kodwa waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”
29. Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.”
30. Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile.
31. UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi.
32. Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso.
33. Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,
34. wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!”
35. Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.
36. Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
37. Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”