Ngokukamarku 7:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.

2. Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe --

3. ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;

4. nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi --

5. abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”

6. Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,kepha inhliziyo yaso ikude nami;

7. kodwa bangikhonza ngezebefundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’

Ngokukamarku 7