Ngokukamarku 7:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.

2. Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe --

3. ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;

Ngokukamarku 7