45. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku.
46. Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.
47. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini.
48. Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo.
49. Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala.
50. Ngokuba bonke bambona, bethuka.Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
51. Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo.
52. Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
53. Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini.
54. Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane.
55. Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona.
56. Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.