34. Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.
35. Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile;
36. bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
37. Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”
38. Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39. Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.
40. Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu.
41. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.
42. Badla bonke, basutha.
43. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi.
44. Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.
45. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku.
46. Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.
47. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini.
48. Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo.
49. Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala.