Ngokukamarku 6:3-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.

4. Wayesethi kubo uJesu: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.”

5. Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa.

Ngokukamarku 6