Ngokukamarku 6:26-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela.

27. Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni.

28. Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina.

29. Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.

30. Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile.

31. Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.

32. Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa.

33. Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela.

34. Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.

35. Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile;

Ngokukamarku 6