21. Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,
22. kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.”
23. Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”
24. Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
25. Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
26. Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela.