12. Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.
13. Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.
14. Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.
15. Kodwa abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.”