7. wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
8. Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”
9. Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?”Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.”
10. Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.
11. Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.
12. Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”
13. Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.
14. Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo.