Ngokukamarku 5:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.

5. Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.

6. Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye;

7. wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”

8. Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”

9. Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?”Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.”

10. Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.

11. Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.

12. Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”

Ngokukamarku 5