Ngokukamarku 5:36-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

37. Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.

38. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.

39. Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”

40. Bamhleka usulu.Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.

41. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”

42. Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.

43. Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.

Ngokukamarku 5