33. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.
34. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
35. Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”
36. Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.”
37. Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.
38. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.
39. Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”