Ngokukamarku 5:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa.

2. Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.

3. Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga;

4. ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.

Ngokukamarku 5