4. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.
5. Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.
6. Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.
7. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo.
8. Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”
9. Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
10. Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso.
11. Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso,
12. ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”
13. Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na?