Ngokukamarku 4:34-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.

35. Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.”

36. Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye.

37. Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala.

38. Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?”

39. Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.

40. Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”

41. Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”

Ngokukamarku 4