Ngokukamarku 4:19-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo.

20. Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”

21. Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na?

22. Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala.

23. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

24. Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.

25. Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”

26. Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini,

27. alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani.

28. Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini.

29. Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile.”

30. Wathi futhi: “Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na?

31. Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni,

32. kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.”

33. Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa;

34. kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.

35. Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.”

Ngokukamarku 4