Ngokukamarku 4:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.

2. Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:

3. “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

4. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.

5. Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

6. Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

7. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo.

8. Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”

Ngokukamarku 4