Ngokukamarku 3:14-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,

15. babe namandla okukhipha amademoni.

16. Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,

17. noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;

18. no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,

19. noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

20. Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.

21. Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.

22. Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”

23. Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?

24. Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme.

25. Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma.

26. NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela.

27. Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.

28. Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho,

29. kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”

30. Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.

31. Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza.

32. Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.”

Ngokukamarku 3