Ngokukamarku 3:11-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”

12. Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.

13. Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye.

14. Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,

15. babe namandla okukhipha amademoni.

16. Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,

17. noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;

18. no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,

19. noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

20. Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.

21. Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.

22. Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”

23. Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?

24. Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme.

25. Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma.

26. NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela.

27. Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.

Ngokukamarku 3