Ngokukamarku 3:10-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe.

11. Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”

12. Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.

13. Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye.

14. Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,

15. babe namandla okukhipha amademoni.

16. Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,

17. noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;

18. no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,

19. noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

20. Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.

21. Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.

Ngokukamarku 3