1. Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo.
2. Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala.
3. Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”
4. Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.
5. Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
6. AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.
7. UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya,
8. naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.