Ngokukamarku 2:25-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye

26. ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”

27. Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha.

28. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”

Ngokukamarku 2