21. Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka.
22. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
23. Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba.
24. Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?”
25. Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye
26. ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”
27. Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha.
28. Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”