Ngokukamarku 16:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba.

9. Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa.

10. Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala.

11. Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa.

12. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni.

Ngokukamarku 16