16. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.
17. Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,
18. baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
19. Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
20. Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.