1. Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
2. Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.
3. Bakhuluma bodwa, bathi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”
4. Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu.
5. Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.