Ngokukamarku 16:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

2. Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.

3. Bakhuluma bodwa, bathi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”

4. Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu.

5. Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.

Ngokukamarku 16