8. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
9. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
10. Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.
11. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
12. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”
13. Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
14. Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
15. Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.