Ngokukamarku 15:36-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.”

37. UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.

38. Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi.

39. Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.”

40. Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome

41. ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema.

Ngokukamarku 15