Ngokukamarku 15:34-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

35. Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.”

36. Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.”

37. UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.

38. Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi.

39. Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.”

40. Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome

41. ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema.

42. Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha,

Ngokukamarku 15