Ngokukamarku 15:23-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga.

24. Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.

25. Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni.

26. Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA.

27. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.

28. Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.”

29. Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu;

30. zisindise, wehle esiphambanweni.”

31. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena.

32. UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza.

33. Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.

34. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

Ngokukamarku 15