Ngokukamarku 15:2-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”

3. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.

4. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”

5. Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.

Ngokukamarku 15