12. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”
13. Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
14. Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
15. Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
16. Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke.
17. Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva.
18. Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”
19. Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye.
20. Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni.
21. Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe.
22. Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda.
23. Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga.