1. Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
2. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”
3. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.
4. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”
5. Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
6. Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
7. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.
8. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.