1. Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
2. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”
3. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.
4. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”
5. Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
6. Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
7. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.
8. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
9. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
10. Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.
11. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
12. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”