59. Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga.
60. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?”
61. Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?”
62. Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”
63. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na?
64. Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?”Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.
65. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.
66. UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu,
67. yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.”
68. Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude.
69. Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: “Lona ungomunye wabo.”
70. Kepha waphinda waphika.Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”
71. Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.”