Ngokukamarku 14:56-67 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

56. Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.

57. Kwasukuma abathile, bafakaza amanga ngaye, bathi:

58. “Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ”

59. Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga.

60. Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?”

61. Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?”

62. Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”

63. Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na?

64. Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?”Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.

65. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.

66. UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu,

67. yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.”

Ngokukamarku 14